Amavesi EBhayibheli ngokuvuma
- Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
- Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.
- Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
- UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye. - Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
- Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” - Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
- Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”
wena wathethelela icala lesono sami. Sela - Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela - Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
- Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.
- Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu; lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.
- Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuvuma izono
Uma sizivuma izono zethu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nakuba umuntu ahlula oyedwa,ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;ngizakukululeka ngeso lami.Ivesi elilandelayo