Amavesi EBhayibheli ngokuvuma izono
- Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
- Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
- Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. - Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”
wena wathethelela icala lesono sami. Sela - Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho.
- Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
- Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke. - Sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho.
- Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
- Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.
- Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
- Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukuvuma
Lowo ovuma ukuthi uJesu...
Ukuphenduka
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.Ivesi elilandelayo
