Amavesi EBhayibheli ngezethembiso
- Ungesabi, ngokuba mina nginawe;
 ungapheli amandla,
 ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
 ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
 yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
- “Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”
- Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.
- Kepha abamethembayo uJehova
 bayathola amandla amasha,
 bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
 bagijime bengakhathali,
 bahambe bengapheli amandla.
- Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
- Lapho udabula emanzini,
 mina nginawe;
 nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
 lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
 nelangabi aliyikukushisa.
- Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
- Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
- INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
- Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane.
- UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”
- Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
- UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba
 aqambe amanga,
 nandodana yomuntu ukuba azisole;
 ushilo, angayikukwenza, na?
 Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?
- Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
- Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
- Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko.
- Ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
- Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
- Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.
- Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
- Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
- Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.
- Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.
- Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.
Izihloko ezihlobene
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Isivumelwano
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
