Amavesi EBhayibheli ngobubele
- Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
- Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,
ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu. - Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.
- Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
- Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.
- Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
- Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
- Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo
ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo. - Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. - Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo. - “Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,
kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo. - Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
- Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
ngisindise indlu yakwaJosefa,
ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
babe kungathi angizange ngibalahle,
ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
ngiyakubezwa. - Uyakubuye asibekezelele,
anyathele phansi ububi bethu;
yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle. - Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo,
onomusa nokubekezela,
uvame ubumnene nokuthembeka.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Ukubekezela
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.
