Amavesi EBhayibheli ngoSathane
- Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.
- Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
- Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
- Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
- Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
- Owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
- Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.
- Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.
- Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
- Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.
- Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi. - Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
- Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
- Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.
- Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”
- UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.
- Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
- Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
- Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
Izihloko ezihlobene
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Isilingo
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Wena uyindawo yami yokucasha;uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. SelaIvesi elilandelayo