Amavesi EBhayibheli Ngempi Engokomoya
- Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.
- Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
- UJehova uzakunilwela, nothula nina.
- Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama.
- Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba. - Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
- Abanye izinqola, abanye amahhashi,
kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu. - Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
- Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
- Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
- Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.
- Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
- Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
- Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
- Namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.
- Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Izihloko ezihlobene
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Izithombe ezibaziweyo
Bantwanyana, zilindeni ezithombeni...
Amavesi eBhayibheli osuku
UJehova uyaphofisa, abesecebisa;uyathobisa, abesephakamisa.
