Amavesi EBhayibheli ngokuphela kwesikhathi
- Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
- Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.
- Abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu. Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.
- Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.
- Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
- Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
- Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.
- Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.
- INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
- “Bayakuba ngabami,” usho uJehova Sebawoti, “babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.”
- Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
- Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
- Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”
Amen. Woza, Nkosi Jesu! - Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
- Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
- Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
- Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
- Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.
- Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
Izihloko ezihlobene
Ukuza kwesibili
Ngalokho nani hlalani nilungele...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukubekezela
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...