Amavesi EBhayibheli ngezithombe ezibaziewyo
- Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.
- Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.
- Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.
- Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.
- Ngokuba imikhuba yabantu iyize,
lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;
ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.
Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,
bawubethela ngezipikili nangezando
ukuba ungazamazami.
Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;
uyathwalwa nokuthwalwa,
ngokuba awuhambi.
Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,
nokuhle awunakukwenza. - Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
- Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.
- Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula, noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.
- Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho
kwasezweni laseGibithe;
ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,
nomsindisi akakho ngaphandle kwami. - Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,
nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;
lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova
nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova. - Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
- Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
- Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
- Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
- Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
- Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge. - Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”
- Abanye izinqola, abanye amahhashi,
kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.
Izihloko ezihlobene
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...