- Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;
ovala umlomo wakhe ungoqondileyo. - Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,
kepha isififane siyaphakamisa ubuwula. - Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha
nomuntu ozuza ingqondo. - Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.
- Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. - Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa. - Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda. - Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho. - Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
- Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo. - Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami. - Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade. - Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,
kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona. - Ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu.
- Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami. - Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula. - Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
- Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni. - Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,
nomlomo waso ubiza imivimbo. - Buyani ngokusola kwami;
bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,
nginazise amazwi ami. - Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,
kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo. - Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
- Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina. - Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
Izihloko ezihlobene
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ingqondo
Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Intukuthelo
Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.Ivesi elilandelayo
