- Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
- Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
- Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula. - Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,
osono sakhe sisibekelwe. - Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.”
- Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.
- “Wozani-ke, sithethe indaba,”
usho uJehova;
“noma izono zenu zibomvu kakhulu,
ziyakuba mhlophe njengeqhwa;
noma zibomvu njengokububende,
ziyakuba njengoboya bezimvu.” - Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.
- Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
- Uyakubuye asibekezelele,
anyathele phansi ububi bethu;
yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle. - Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.
- Thabathani amazwi,
nibuyele kuJehova,
nithi kuye:
“Susa konke okubi,
wamukele okuhle,
sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.” - Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”
- Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.
- Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Isihe
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Ukuphenduka
Bazithobe abantu bami ababizwa...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela