Amavesi EBhayibheli ngewayini
- Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
- Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
- Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”
- Noma umkhiwane ungakhahleli,
 kungabikho izithelo emvinini,
 umsebenzi womnqumo uphuthe,
 amasimu angavezi ukudla,
 izimvu zinqunywe esibayeni,
 kungabikho nkomo ezibayeni,
 nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
 ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.
- Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.
- Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”
- Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.
- Umvini ubunile,
 imikhiwane iwumile;
 imipomegranati, namasundu,
 nemi-apula,
 nemithi yonke yasendle kubunile,
 ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
Izihloko ezihlobene
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuthela
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova...
Isivumelwano
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu...
Igazi
Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
