- Ingcebo yobubi ayisizi lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni. - Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
- Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.
- Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
- Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?
- Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.
- Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.
- Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
- Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova. - UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa. - Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
- Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi. - UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.
- Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo. - Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;
kepha olungileyo unesihawu, aphane. - Lapho okuhle kwanda,
nabakudlayo bayanda;
kulusizo luni kumninikho
ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na? - Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.
- Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
- Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”
- Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.
- Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
Izihloko ezihlobene
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Isikweletu
Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Ukuhlupheka
UJesu wathi kuye: “Uma...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngikhala kuwe Jehovangisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.