- Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
- Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
- Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu. - Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
- “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”
- Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke. - Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane.
- Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.
- Usizo lwethu lusegameni likaJehova
owenzile izulu nomhlaba. - Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
- Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo. - Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.
- UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho. - Ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
- Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
- Kunye engikucele kuJehova,
ngiyakufuna khona:
ukuba ngihlale endlini kaJehova
izinsuku zonke zokuphila kwami
ukubona ubuhle bukaJehova,
ngibuke ithempeli lakhe. - Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu.
- Nalokho kuvela kuJehova Sebawoti
oyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini. - Uma uJehova engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uJehova engalondolozi umuzi,
umlindi wawo ulindela ize. - Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”
- Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona. - Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;
olungileyo ugijimela kuwo, alondeke. - Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? - Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;siyakwethaba, sithokoze ngalo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.Ivesi elilandelayo
