- Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela. - UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.
 - Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
 - Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni. - Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. - UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba. - Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
 - Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.
 - Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
 - Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
 - Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
 - Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
 - Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
 - Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe. - Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,
kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu. - Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
 - Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
 - Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane. - Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.
 - UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba
aqambe amanga,
nandodana yomuntu ukuba azisole;
ushilo, angayikukwenza, na?
Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na? - Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
 - “Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo
ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.
“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova. - Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
 - Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.
 - Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
 
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;okulondolozayo akayikozela.Ivesi elilandelayo
