- Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona. - Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
- Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
mina Jehova engingowokuqala
nenginguye nakwabokuphela. - Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni. - Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
- Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
- UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba. - Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
- Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. - Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe. - Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
- Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.
- Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
- Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
- Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
- Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,
kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu. - Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
- Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.
- UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba
aqambe amanga,
nandodana yomuntu ukuba azisole;
ushilo, angayikukwenza, na?
Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na? - Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane. - Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.
- Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
- “Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo
ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.
“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova. - Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
- Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
