- Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
- UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
- Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,
isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. - Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho
kwasezweni laseGibithe;
ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,
nomsindisi akakho ngaphandle kwami. - Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.
- Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.
- Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
- Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.
- UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”
- Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo. - Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;
ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke. - Ngokuba ngubani onguNkulunkulu
ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? - Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;
wenza konke akuthandayo. - Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye. - Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
- USomandla singemqonde;
mkhulu ngamandla nangokwahlulela;
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho. - Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,
nanjengomlindo ebusuku. - Yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,
isekele igobela lawo emhlabeni;
yiyona ewabizayo amanzi olwandle,
iwathululele ebusweni bomhlaba;
nguJehova igama layo. - Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
- Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
- Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”
- Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
- Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
- Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyamthanda uJehova,ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
