Amavesi EBhayibheli ngezembatho
- Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
- Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
- Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.
- Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
- UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.
- Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.
- Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe. - Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
- Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.
- Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.
- Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”
- Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.
- Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.
- Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.
Izihloko ezihlobene
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Ubuhle
Umuhle wonke, sithandwa sami...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukwaneliseka
Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi...
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...
Amavesi eBhayibheli osuku
Oqondileyo uyabona ububi, acashe,kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.