- Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
- Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.
- Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.
- Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.
- Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi.”
- Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
- Ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo.
- Ningahluleli ukuba ningahlulelwa.
- Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
- Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
- Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;
akukho sikhubekiso kubo. - Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
- Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
- Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula. - Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
- Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
- Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke. - Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.
- Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
- Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.
- Sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho.
- Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.
- Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. - Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa. - Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
