- Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade. - Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
- Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,
ngokuba ungiphilisile ngazo. - Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.
- Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
- Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
- Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
- Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.
- Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
- Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
- NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
- Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
- Imiyalo kaJehova ilungile,
ijabulisa inhliziyo;
umyalezo kaJehova uhlanzekile,
ukhanyisa amehlo. - Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,
kungabi sekuhaheni. - Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’
- Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
- Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.
- Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane.
- Amazwi akho onke ayiqiniso;
zonke izahlulelo zakho ezilungileyo
zimi kuze kube phakade. - Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
- Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.
- Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,
kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
ngokuba iyakwenezela kuwe
ubude bezinsuku,
neminyaka yokuphila, nokuthula. - UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”
- Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
