- Yeka ubukhulu bomusa wakho
obagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu. - KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na? - Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
- Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
- Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba umuntu. - UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;
inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;
ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;
ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. - Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.
- Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe. - Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo. - Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
- Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
- Ngilondoloze, Nkulunkulu,
ngokuba ngiyaphephela kuwe. - Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
- Kepha ngiwuthembile umusa wakho;
inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
ngizakuhlabelela kuJehova,
ngokuba ungenzele okuhle. - Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba. - Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.”
- Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena. - Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe. - Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
- “Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,
kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo. - Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.
- Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,
inqaba yami; angiyikunyakaziswa. - Yeka, uma bengingathembanga ukubona
okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! - Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.
- Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
Izihloko ezihlobene
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela