DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngoKhisimusi

  • Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.
  • Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
  • Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
    nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.
  • Ngokuba sizalelwa umntwana,
    siphiwa indodana;
    umbuso uyakuba semahlombe akhe,
    negama lakhe liyakuthiwa
    uMluleki omangalisayo,
    uNkulunkulu onamandla,
    uYise ongunaphakade,
    iNkosi yokuthula.
  • Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”
  • Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
  • Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
  • Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
  • Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
  • Ngokuba imikhuba yabantu iyize,
    lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;
    ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.
    Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,
    bawubethela ngezipikili nangezando
    ukuba ungazamazami.
    Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;
    uyathwalwa nokuthwalwa,
    ngokuba awuhambi.
    Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,
    nokuhle awunakukwenza.
  • Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.
  • Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”
  • Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.”
  • Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”
  • UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi: “Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.”
  • Kepha wena Betlehema Efratha,
    omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,
    ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
    ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
    okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.
  • Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela