- Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
- Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
- INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.
- Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
- Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo. - Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke. - Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,
ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu. - Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.
- Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.
- Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.
- Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
- Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
- Ngiyamthanda uJehova,
ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami. - Kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.
- Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
- Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge. - Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
- Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.
- Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.
- Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?
- Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
- UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.Ivesi elilandelayo