DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Inkazimulo (2/2)

  • Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
  • Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
    nengalo yabo ayibasindisanga;
    kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
    nokukhanya kobuso bakho,
    ngokuba wawubathanda.
  • Imiyalo kaJehova ilungile,
    ijabulisa inhliziyo;
    umyalezo kaJehova uhlanzekile,
    ukhanyisa amehlo.
  • Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.
  • Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.
  • Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke. Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani!