- Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena. - Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. - Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu. - Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,
kepha incithakalo ikubenzi bokona. - Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova. - Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho. - Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.
- Amazwi akho onke ayiqiniso;
zonke izahlulelo zakho ezilungileyo
zimi kuze kube phakade. - ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
- Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
- UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba
aqambe amanga,
nandodana yomuntu ukuba azisole;
ushilo, angayikukwenza, na?
Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na? - Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe. - Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.
- Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,
ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi. - Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
- Ngokuba ngubani onguNkulunkulu
ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? - Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho. - Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,
kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga. - UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli.
- Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,
kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe. - Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
Izihloko ezihlobene
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
