- Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,
ngokuba kukhona kwaphakade.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;
ngikhumbule ngokomusa
wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova. - Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.
- UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
- Abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.
- Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
- Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,
osono sakhe sisibekelwe. - Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola. - Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.
- Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
- Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho.
- Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
- Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
- Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula. - Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. - Owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
- Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
- Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
- Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
- Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.
- Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
- “Wozani-ke, sithethe indaba,”
usho uJehova;
“noma izono zenu zibomvu kakhulu,
ziyakuba mhlophe njengeqhwa;
noma zibomvu njengokububende,
ziyakuba njengoboya bezimvu.” - Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
- Lapho amazwi emaningi khona,
akuphuthi ukuphambeka;
obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.
Izihloko ezihlobene
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuhlanzwa
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.Ivesi elilandelayo