- Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
- “Wozani-ke, sithethe indaba,”
usho uJehova;
“noma izono zenu zibomvu kakhulu,
ziyakuba mhlophe njengeqhwa;
noma zibomvu njengokububende,
ziyakuba njengoboya bezimvu.” - Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
- Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe. - Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu. - Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.
- Ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.
- Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
- Gezani, nihlanzeke,
nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,
niyeke ukwenza okubi. - Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina. - Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
- Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona.
- Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
- Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,
kepha incithakalo ikubenzi bokona. - Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
- Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa. - Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
- Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.
- Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile. - Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
- Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke. - Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.
- Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.
- Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
- Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
Izihloko ezihlobene
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuhlanzwa
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
UMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu,nehlane liphenduke insimu,
nensimu ithiwe ihlathi.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.Ivesi elilandelayo
