DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Isibi (4/6)

  • Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
  • Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
  • Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
    othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
    uyiyekele isiphambeko sayo, na?
    Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
    ngokuba wenamela umusa.
  • Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.
  • Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho
    luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
    Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami
    kunokuhlala ematendeni ababi.
  • Okuncane anakho olungileyo kungcono
    kunemfuyo yababi abaningi.
    Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
    kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.
  • Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
    kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.
  • Uyakubuye asibekezelele,
    anyathele phansi ububi bethu;
    yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.
  • Ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
  • Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
  • Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.
  • Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.
  • Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
  • Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
  • Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi
    ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
  • Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
    ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
    usikhulule, usithethelele izono zethu
    ngenxa yegama lakho.
  • UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.
  • Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
    uyazi okusebumnyameni,
    nokukhanya kuhlezi kuye.
  • Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.
  • Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi.”
  • Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.
  • Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
  • Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
  • Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
  • Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.

Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
Funda kabanzi...