DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Isibi (5/6)

  • UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.
  • Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
  • Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.
  • Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.
  • Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
    UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.”
  • Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
  • Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
  • Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
  • Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
  • Ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.
  • Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.
  • Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.
  • Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
  • Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.
  • Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.
  • Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.
  • Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
  • Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
  • Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
  • UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
  • Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela.
  • Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”
  • Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
  • Ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu, nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo, ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.
  • Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’

Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.
Funda kabanzi...

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela