- Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
- Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko. - Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa. - Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.
- Ngafunwa ngabangangicelanga,
ngafunyanwa ngabangangifunanga,
ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’
kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami. - Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi. - Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. - Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. - Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;
ozonda ukusolwa uyisiwula. - Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.
- Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso. - Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.
- Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
- Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
- Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
ngisindise indlu yakwaJosefa,
ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
babe kungathi angizange ngibalahle,
ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
ngiyakubezwa. - Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”
Izihloko ezihlobene
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
