- Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
- Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”
- Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona. - Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude. - Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki. - Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
- Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.
- Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
- Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
- Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
- Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;
ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo. - Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;
ozonda ukusolwa uyisiwula. - Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
- Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
- Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;
wenza konke akuthandayo. - Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo
