- Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. - Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi:
“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;
ngiyakubuyela khona ngize;
uJehova wapha, uJehova uthathile;
malibongwe igama likaJehova.” - Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba
ongiphile ukuhlakanipha namandla,
wangazisa esasikucela kuwe,
ngokuba usazisile indaba yenkosi. - Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
- Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
Izihloko ezihlobene
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukucula
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukubonga
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.