- Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.
- Mayibongwe iNkosi.
Iyasithwala imihla ngemihla;
uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela - Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami;
iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami. - Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;
mawungangijabhisi naphakade;
ngikhulule ngokulunga kwakho. - Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. - Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
- UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa. - Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. - Insindiso ingekaJehova;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela - Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi:
“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;
ngiyakubuyela khona ngize;
uJehova wapha, uJehova uthathile;
malibongwe igama likaJehova.” - Usiphe namuhla isinkwa sethu
semihla ngemihla. - Ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.
- Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;
wenza konke akuthandayo. - Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
- Basutha njengamadlelo abo;
basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;
ngalokho bangikhohliwe. - Ngokuba wena uyokhela isibani sami;
uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. - Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
- Ngiyazelulela izandla zami kuwe;
umphefumulo wami womela wena
njengomhlaba owomileyo. Sela
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Izisetshenziswa
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...