- Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
- Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho. - Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami. - Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe. - Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso. - Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,
nomlomo waso ubiza imivimbo. - Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa. - Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. - Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
- Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
- Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
- Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke. - Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo. - Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana. - Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
- Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. - Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
- Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu. - Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.
- Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.Ivesi elilandelayo
