- Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;
kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu. - Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
- Izibusiso zisekhanda lolungileyo,
kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu. - Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. - Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
- Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
- Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. - Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. - Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;
ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami. - Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.
- Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
- UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.
- Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.
- Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’ yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.
- Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,
kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe. - Ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’
- Niyakusho ngalolo suku ukuthi:
“Bongani uJehova,
nibize igama lakhe,
nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe,
nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.” - Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
- Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. - Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
- Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;
ayehlela kokuphakathi komuntu. - Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.
- Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?”
Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.” - Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni.