DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

NgokukaMarku 2:23-28

Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?”
Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”
Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”
NgokukaMarku 2:23-28 - ZUL59

Amavesi eBhayibheli osuku

Labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela