DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

NgokukaMarku 2

NgokukaMarku 2:23-28 - ZUL59
  • Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?”
    Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”
    Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”

Amavesi eBhayibheli osuku

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Noma umkhiwane ungakhahleli,
kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela