- Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
- Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
- Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
Izihloko ezihlobene
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
UMsindisi
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ubugovu
Ningenzi lutho ngombango nangodumo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,ngokuba kukhona kwaphakade.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;
ngikhumbule ngokomusa
wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.Ivesi elilandelayo
