- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.
- Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
- Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
- Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
- Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
- Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.
- Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;ngizakukululeka ngeso lami.Ivesi elilandelayo
