- Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
- Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
- Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
- Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
Izihloko ezihlobene
Ukunqoba
Lokho ngikukhulume kini ukuba...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo.Ivesi elilandelayo
