- Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.
- Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”
Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”
Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.
Izihloko ezihlobene
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Ukuphenduka
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Isijeziso
Ndodana yami, ungadeleli ukulaya...
Izimangaliso
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuphulukisa
UJesu wayesethi kuye: “Uma...
ISabatha
Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise...
Amavesi eBhayibheli osuku
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.