- Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.
- Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.
- Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.
- Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
- Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
- Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.
Izihloko ezihlobene
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukwaneliseka
Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu.Ivesi elilandelayo
