- Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.
- Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.
- Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.
- Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
- Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
- Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
- Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.
- Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.
- Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.
Izihloko ezihlobene
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.Ivesi elilandelayo
