- Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
- Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
- Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.
- Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
- Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
- Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
- INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.
- Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.
- Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Amavesi eBhayibheli osuku
Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”Ivesi elilandelayo
