- Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.
- Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
- Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.
- Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.
- Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
Izihloko ezihlobene
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
Ukuzithiba
Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova makakubusise, akulondoloze;uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.Ivesi elilandelayo
