DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

KuThithu 2

  • Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.
  • Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
  • Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.
  • Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.