- Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
- Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
- Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula.
- Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
- Anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.
- Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
Izinguquko
Kepha thina sonke esibuka...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.