- Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
 - Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
 - Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
 - Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
 - Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.
 - Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
 - INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.
 - Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
 - Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
 - Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
 
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Ukuphela kwesikhathi
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi...
Ukuzithiba
Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukubonga
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;siyakwethaba, sithokoze ngalo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Mbonge uJehova, mphefumulo wami;konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.Ivesi elilandelayo
