- Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
- Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
- Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
- Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
- Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.
- Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
- INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.
- Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
- Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
- Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Ukuphela kwesikhathi
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi...
Ukuzithiba
Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukubonga
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.Ivesi elilandelayo
