- Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.
- Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
- Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
- Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
- Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.
- Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli. - Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
- Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.
- Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukubonga
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngikhala kuwe Jehovangisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.