- Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
- Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.
- Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.
- Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.
- Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
- Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
- Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
- Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
- Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli. - Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.
Izihloko ezihlobene
Ukubonga
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Izinguquko
Kepha thina sonke esibuka...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe,kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.Ivesi elilandelayo
