- Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
- Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
- Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.Ivesi elilandelayo
