- Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.
- Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
- Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
- Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
- Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
- Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.
- Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
- Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
- Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
